UNkulunkulu ukuthanda ngokungenambandela
UNkulunkulu ukuthanda ngokungenambandela
Empilweni yakho yonke kuze kube manje kunoBaba okunakekele wakuthanda ngaphezu kokwazi kwakho. UNkulunkulu wasithanda singakazalwa. Futhi usithanda ngaphandle kombandela, noma ngabe sake senza okubi phambilini.
Ngokuba wasikhethela kuYe umhlaba ungakasekelwa ukuba sibengcwele singasolekiphambi kwakhe Kepha uNkulunkulu wabonakalisa uthando lwaKhe kithi ngalokhu: Kwathi siseyizoni uKristu wasifela. – Roma 5:8